Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UDaniyeli waphendula wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:20
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.


“Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u-Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.


Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele, besaphuma ngaphambi kwempi, bathi: “Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”


AmaLevi oJeshuwa, noKadimiyeli, noBani, noHashabineya, noSherebiya, noHodiya, noShebaniya, noPhethahiya athi: “Sukumani nimbonge uJehova uNkulunkulu wenu kusukela phakade kuze kube phakade. “Malibongwe igama lakho elikhazimulayo, eliphakanyisiwe ngaphezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


Haleluya! Dumisani nina zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova.


Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.


Kepha thina siyakumbonga uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. Haleluya!


INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli, ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,


zithi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo, nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo, nenkazimulo, nesibusiso.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka