Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke imfihlo yembulwa kuDaniyeli ngombono wasebusuku. UDaniyeli wasembonga uNkulunkulu wezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:19
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokudlala kwemicabango ivuswe yimibono yasebusuku, lapho abantu sebehlelwe ngubuthongo obunzima,


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.


“Beliteshasari, wena nduna yezanusi, ngokuba ngiyazi ukuthi umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe nokuthi awukhathazwa mfihlakalo, ngitshele imibono yephupho lami engilibonileyo nencazo yalo.


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka elwandle olukhulu.


“Emva kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu; sasinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso; sahlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso; sasinezimpondo eziyishumi.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka