Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 11:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kepha lapho isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyukuba namandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Futhi uma Esusa isixuku, inhliziyo yakhe iyophakama; uyakuwisa amashumi ezinkulungwane eziningi, kepha ngalokho akayikuziqinisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 11:12
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”


Uthi: ‘Bheka, ngichithile u-Edomi;’ inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”


Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.


Kepha uHezekiya akabuyiselanga okuhle okwenzelwe yena, ngokuba inhliziyo yakhe yayikhukhumele; ngalokho kwaba khona ulaka phezu kwakhe, naphezu kukaJuda, naphezu kweJerusalema.


Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.


Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho, wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho; ngikulahlele phansi, ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.


“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu


ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokuthenga wandisile imfuyo yakho; inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.


“Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.


Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.


inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,


angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka