Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumile ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.


Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ephikisana noSathane, ekhulumisana naye ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: “INkosi mayikujezise.”


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka