Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 10:21 - IsiZulu 2020

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa ngizalitshengisa okuphawulwe emibhalweni yeqiniso; futhi akekho ongibambele kulezi zinto, ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 10:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingama-21, kepha bheka, uMikhayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza wazongisiza, noma kade ngishiywe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.


“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise umqulu kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kuyokuba kuningi.”


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


Wangiqondisa, wakhuluma nami, wathi: “Daniyeli, sengiphumele ukukuhlakaniphisa nokukuqondisa.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


Amazwi abaphrofethi ayavumelana nalokhu, njengalokhu kulotshiwe ukuthi:


Kepha lapho uMikhayeli, ingelosi enkulu ephikisana nosathane, bebanga isidumbu sikaMose, akalokothanga wakhuluma okubi ngaye, kodwa wathi: “INkosi mayikusole.”


Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikhayeli nezingelosi zakhe balwa nodrago. Udrago walwa ekanye nezingelosi zakhe,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka