Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ukuba ubeludonga, besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe. Ukuba ubeyisivalo, besizomvalela ngamapulangwe omsedari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uma elugange, siyakwakha isigodlo sesiliva phezu kwalo; futhi uma kuwumnyango, sizowubiyela ngamapulangwe omsedari.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:9
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.*


Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide, namaqhosha esiliva.


Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide, nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva; esikhundleni somuthi ithusi, nasesikhundleni samatshe insimbi, ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho, nokulunga kube ngababusi bakho.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


“ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya, ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo, ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo, ngiyimise,


“Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka