Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa kwakungafanele ubheke usuku lomfowenu mhla engowemzini; futhi kwakungafanele ujabule ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo; futhi kwakungafanele ukhulume ngokuzidla ngosuku losizi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:12
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abasentshonalanga bayethuswa lusuku lwakhe, nabasempumalanga babanjwa ngukwesaba.


“Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo, ngaxhuma lapho eficwa ngokubi


Ngingabala onke amathambo ami; bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.


Mazithuliswe izindebe zamanga ezijivaza olungileyo ngokuzidla nangokweyisa.


Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye; abashayi engingabaziyo bangibunganyela; badumaza bengayeki.


INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.


Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke; neso lami libuka izitha zami, lidele.


UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.


Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami, nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.


Oklolodela ompofu usola uMenzi wakhe, nothokoza ngengozi akayikuyekwa.


Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: ‘Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari* yalo emide nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.


Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”


Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.


Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.”


Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’


Manje izizwe eziningi zikubuthanele; zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni.”


Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela.


Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka