Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi: “Kanjalo ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.


engafunga ngabo olakeni lwami, ngathi: “Abasoze bangena ekuphumuleni kwami.”


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


akade esho kubo ukuthi: “Lokhu kungukuphumula; phumuzani abayethileyo; lokhu kungukuhlunyelelwa,” kepha abathandanga ukuzwa.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’


ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli kodwa, nazi ukuthi nginguJehova.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso, ngiphimisele okufihlakeleyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.”


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”


ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni.


uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka