Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba siyangena ekuphumuleni thina esikholwayo njengokusho kwakhe ukuthi: “Kanjalo ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yayenziwa kwasekusekelweni kwezwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe, ethi: “Kanjalo ngafunga ngithukuthele, ngathi: ‘Abasoze bangena ekuphumuleni kwami,’ ” nakuba imisebenzi yakhe yayisiqediwe kwasekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba thina esikholwayo siyangena ekuphumuleni njengokusho kwakhe ukuthi: “Ngalokho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami,’ nakuba imisebenzi yayenziwa kusukela ekusekelweni komhlaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:3
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.


Ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


Wathi kubo: “Nansi indawo yokuphumula eniyakuphumuza ngayo abakhatheleyo; futhi lokhu kungukuqabuleka; kodwa kabazwanga.


Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibuke, nibuze ngezindlela zakudala, iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu. Kodwa bathi: Asiyikuhamba ngayo.


Ngiyakunquma phakathi kwenu abahlubukayo nabeqayo kimi; ngiyakubakhipha ezweni abagogobele kulo njengabafokazi, abayikungena ezweni lakwa-Israyeli; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni;


Ngakho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: Kabayikungena ekuphumuleni kwami.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Ngokuba ngabe ngabe uhluphekile kaningi selokhu kwasekelwa izwe, kepha manje usebonakalisiwe kanye ekupheleni kwezwe ukuba asuse isono ngomhlatshelo wakhe.


Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka