Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:1
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.’


Kodwa uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele,’


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;


ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.


uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami, ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”


Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


“Ngalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Ngasho nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo yohamba phambi kwami kuze kube phakade.’ Kepha manje uJehova uthi: ‘Makube kude nami, ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka