Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho-ke masesabe, funa sisekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kube khona noyedwa kini obonakala esilela kuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 4:1
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umuntu ohlakaniphileyo uyesaba, abaleke ebubini, kepha isiwula siyafutheka, sinesibindi.


Uyajabula umuntu ohlala esaba, kodwa oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uwela ebubini.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.


Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami.


Kodwa uba leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukufika;


Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;


Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;


Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


Ngakho-ke othi umile makaqaphele ukuba angawi.


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


UKristu uye waba yize kini, nina enilungisiswa ngomthetho; niwile emseni.


Uma singakholwa, yena uhlala ethembekile, angeziphike.


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Ngakho ngafunga ekuthukutheleni kwami ngathi: Kabayikungena ekuphumuleni kwami.


Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.


Ngakho-ke abantu bakaNkulunkulu basalelwe ukuphumula;


Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka