Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 11:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 11:7
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini.


UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova.


“Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.


Wasuka kuye, wazivalela yena namadodana akhe ngesivalo; wona aletha kuye, yena wathela.


Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe, nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.


Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.


Ukukhala kwecilongo wakuzwa, kepha akaxwayanga; igazi lakhe liyakuba kuye; uma exwayile, nga ezophulile.


Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.


“Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –


Bhekani, senginitshelile ngaphambili.


Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


“Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKristu,


ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;


Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.


Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa;


Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


USimeyoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:


nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;


okwathi ngawo izwe elalikhona labhubha ngokukhukhula kwamanzi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka