Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KumaHeberu 11:7 - IsiZulu 2020

7 Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KumaHeberu 11:7
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba.


UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.


UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile.


“Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nomkawo.


Wasuka kuye, wazivalela yena namadodana akhe; wona aletha kuye, yena wathela.


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.


Ohlakaniphile uyabubona ububi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka, bese beyajeziswa.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


noma ngabe bekungaba khona uNowa, uDaniyeli, noJobe kulo, ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, bebengeke bakwazi ukusindisa amadodana namadodakazi awo, kodwa bebeyosindisa impilo yabo kuphela, ngenxa yokulunga kwabo.


Ngokuba ukuzwile ukukhala kwecilongo nokho akaze exwaya; igazi lakhe liyakuba kuye, ngokuba ukuba ubexwayile, ngabe uyisindisile impilo yakhe.


Emveni kokuba sezixwayisiwe ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zaphindela ezweni lakubo ngenye indlela.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


Niyabona-ke, nginitshele kungakenzeki lokho.


Njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa; kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini.


Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?


“Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu,


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


Wasemukela isibonakaliso sokusoka saba luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubo,


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asenziwanga ku-Abhrahama nasolibeni lwakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


Pho sesiyakuthini na? Siyakuthi abezizwe abangakufunisisanga ukulunga bafumene ukulunga, ukulunga okutholakala ngokukholwa.


Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.


ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”


kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi.


USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:


engawuyekanga nomhlaba wasemandulo, kodwa walondoloza uNowa, ummemezeli wokulunga, owayengowesishiyagalombili emkhunjini, mhla ehlisa uzamcolo emhlabeni walabo ababengamesabi uNkulunkulu.


okwathi ngamanzi umhlaba owawukhona phambilini wabhujiswa ngawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka