Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 11:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ngase ngilikhumbula izwi iNkosi eyalikhuluma, ithi: ‘UJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubabhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngase ngikhumbula izwi leNkosi ukuthi yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngase ngikhumbula izwi leNkosi ukuthi yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 11:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“Kuyakuthi ngasemuva ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono;


“Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.


“Mina nginibhapathiza ngamanzi, kube ngukuphenduka; kepha yena oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo,


babhapathizwa nguye emfuleni iJordani bevuma izono zabo.


Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”


Bawakhumbula-ke amazwi akhe.


uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;


UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo:


Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”


Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.


Le ncwadi, bathandekayo, isingeyesibili enginilobele yona, engivusa ngazo ingqondo yenu emhlophe ngokunikhumbuza,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka