Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 11:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngase ngikhumbula izwi leNkosi ukuthi yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ngase ngilikhumbula izwi iNkosi eyalikhuluma, ithi: ‘UJohane wayebhabhadisa ngamanzi, kodwa nina nizakubabhabhadisa ngoMoya oNgcwele.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngase ngikhumbula izwi leNkosi ukuthi yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 11:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.


Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.


Emva kwalokho ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama; amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, amaxhegu enu aphuphe amaphupho, nezinsizwa zenu zibone imibono.


Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse uleme, amagquma agobhoze ubisi, nemifula yakwaJuda igobhoze amanzi, kuphume nomthombo endlini kaJehova, futhi uyonisela isigodi saseSitimi.


Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;


Babhapathizwa nguye eJordani, bevuma izono zabo.


Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.


UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;


UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo;


Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.


Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.


Le ncwadi yesibili, bathandekayo, nginilobela yona manje; kukho kokubili engivusa ingqondo yenu ehlanzekileyo ngokunikhumbuza;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka