Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 3:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ukhononelani umuntu ophilayo, umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

39 Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kungani umuntu ophilayo, umuntu ekhononda ngokujeziswa kwezono zakhe?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 3:39
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.”


Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”


Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: “Bheka, lobu bubi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?”


“Ngasemva kwakho konke okufike phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi,


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho, ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?


Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo; ngenxa yobubi babo babehlushwa.


Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.


Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.


Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”


Ukhalelani ngokulimala kwakho ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,


Izwe liyakushiywa yibo, lithokoze ngamasabatha alo, lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi babo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?


Kepha ngolwangakusasa yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose nango-Aroni, yathi: “Nibabulele abantu bakaJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli bakhuluma kuMose, bathi: “Bheka, siyaphela, siyashabalala, sishabalala sonke.


Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu, kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho, kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka