Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 3:39 - IsiZulu 2020

39 Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ukhononelani umuntu ophilayo, umuntu ojeziswa ngezono zakhe, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kungani umuntu ophilayo, umuntu ekhononda ngokujeziswa kwezono zakhe?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 3:39
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Nginandabani nawe mina? Hamba uye kubaphrofethi bakayihlo nakubaphrofethi bakanyoko.” Kepha inkosi yakwa-Israyeli yathi kuye: “Hhayi, ngokuba uSimakade uqoqe amakhosi amathathu ukuba awanikele esandleni sabakwaMowabi.”


Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?”


Esakhuluma nawo, inkosi yehlela kuye, yathi: “Uyabona-ke, lobu bubi buvela kuSimakade. Pho kungani kusamele ngimlinde uSimakade na?”


“Emuva kokuba sezisehlele zonke lezo zinto ngenxa yezenzo zethu ezimbi, necala lethu elikhulu, kodwa Wena Nkulunkulu, awusijezisanga ngokufanele iziphambeko zethu, wabuye washiya insali efana nalena,


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.


bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


Babe yiziwula ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yobubi babo, bahlushwa.


Ubuwula bomuntu buyayiguqula indlela yakhe, kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uSimakade.


Amadodana akho adangele, alala emakhoneni emigwaqo yonke njengenyamazane esihibeni, agcwele ulaka lukaSimakade nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.


Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.”


Ukhalelani ngenxeba lakho nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na? Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu bokona kwakho, nobuningi bezono zakho.


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


Nami ngokunjalo ngamelana nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo. Uma ngaleso sikhathi izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, bekhombisa ukuphenduka ngobubi babo,


Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


UMose wathi kuSimakade: “Ukwenzeleni okubi encekwini yakho na? Kungani ngingafumananga musa emehlweni akho ukuba ungethwese umthwalo wabo bonke laba bantu na?


Ngakusasa yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yakhononda ngoMose no-Aroni, yathi: “Nibulele abantu bakaSimakade.”


Abakwa-Israyeli bathi kuMose: “Uyabona-ke, siyabhubha, siyashabalala, siyaphela sonke ngothi lwethu.


Abantu bashiswa ngukushisa okukhulu, kodwa balihlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupheko, futhi abaphendukanga ukuba bamnike udumo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka