Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho, wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 “Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Mabufike bonke ububi babo phambi kwakho; wenze kubo njengalokho wenzile kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kuningi, nenhliziyo yami ibuthuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:22
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Bangasholoni abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.


Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.


Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.


Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


“Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yami mabube phezu kweBabele,” makasho njalo owakhileyo eSiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;” malisho njalo iJerusalema.


Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami, inhliziyo yami idangele.


“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.


Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,


“Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.”


Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka