Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 1:22 - IsiZulu 2020

22 “Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho, wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kukhulu, nenhliziyo idangele.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Mabufike bonke ububi babo phambi kwakho; wenze kubo njengalokho wenzile kimi ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba ukububula kwami kuningi, nenhliziyo yami ibuthuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 1:22
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.


Ngalokho zonke izandla ziyakuba ntekenteke, nezinhliziyo ziphele amandla.


Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo nabo bayakudliwa, zonke izitha zakho ngothi lwazo ziyakuthunjwa, nalabo abakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakuqhwagayo ngiyakubenza impango.


“Ubudlova obenziwe kimi nakubantu bakithi, mabube phezu kweBhabhele;” makasho kanjalo owakhileyo eZiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKhalideya;” malisho kanjalo iJerusalema.


Akukho ukududuzeka ngosizi lwami, inhliziyo yami idangele.


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


Ngalokho-ke inhliziyo yethu idangele; ngenxa yalezo zinto, amehlo ethu afiphele.


“Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakuba njani-ke kowomileyo na?”


Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba ningadangali ngezinhlupheko engikuzo ngenxa yenu, eziwudumo kini.


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka