Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 8:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Ingelosi yesithathu yabetha icilongo; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivutha njengesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ingelosi yesithathu yayisibetha, kwawa ezulwini inkanyezi enkulu, ivutha njengesibani, yawela phezu kwengxenye yesithathu yemifula naphezu kwemithombo yamanzi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 8:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

welulekana nezikhulu zakhe namaqhawe akhe ukuba bavimbe amanzi emithombo eyayingaphandle komuzi; bamsiza.


Ngalokho niyakukha amanzi ngokujabula emithonjeni yensindiso.


“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.


Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova, “kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo.


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.


Wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile: izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa, nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.


umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.


isho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”


Neyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi, kwase kuba yigazi.


nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,


Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.


Ingelosi yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.


Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.


Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.


Abantu abayizinkulungwane ezintathu bakwaJuda behlela ofantwini lwedwala lase-Etamu, bathi kuSamsoni: “Awukwazi yini ukuthi amaFilisti abusa phezu kwethu na? Kuyini, pho, lokho okwenzile kithina na?” Wathi kubo: “Njengalokho benza kimi, ngenze njalo kubo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka