Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 uyakuphuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa. Ziyakuba ngangezihlabathi zolwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 20:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


“Wathi: ‘Ngiyakuphuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke.’ “Wathi: ‘Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.’


Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.


Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye,


“Wena ndodana yomuntu, profetha ngoGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali.


Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova kulo izwe lakwa-Israyeli, ithi: Ukuphela! Ukuphela kufikile emagumbini omane ezwe.


Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.


ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane; emva kwalokho kumelwe ukuba athukululwe isikhashana.


Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka