Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 20:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 uyakuphuma ayodukisa izizwe emagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, uyakuziqoqa ukuba ziyokulwa. Ziyakuba ngangezihlabathi zolwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 20:8
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, babedla, bephuza, bejabula.


Wathi: “Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe.” UJehova wathi: “Mlingeni, niyakumnqoba nani; phuma wenze njalo.


Ngokuba noma abantu bakho u-Israyeli babe ngangesihlabathi solwandle, nokho insali yabo iyakubuya;


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho bumelane noGogi, izwe lakwaMagogi, isikhulu esiyinhloko sakwaMesheki noThubali, uprofethe ngaye,


Ngakho, ndodana yomuntu, profetha ngoGogi, uthi: Usho kanje uJehova; Bheka, nginakho ngawe Gogi, sikhulu sakwaMeshegi noThubali;


Ngiyakuphonsa umlilo kwaMagogi naphakathi kwabahlezi ngokulondeka eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.


Nawe, ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova ezweni lakwa-Israyeli; Ukuphela, ukuphela sekufikile emagumbini omane ezwe.


Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.


Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya yomine yomhlaba, ukuze kungavuthuzi moya emhlabeni, naphezu kolwandle, naphezu kwanoma yisiphi isihlahla.


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka