Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:18
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu;


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka