Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Eyesikhombisa yayisithululela isitsha sayo emoyeni; kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni, kwase kuphuma izwi elikhulu ethempelini esihlalweni sobukhosi lithi: “Sekwenzekile!”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Eyesikhombisa yathululela isitsha sayo emoyeni; kwavela izwi elikhulu ethempelini lasezulwini, livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Sekwenzekile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:17
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli,


ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini, imemeza ngezwi elikhulu, ithi kohlezi phezu kwefu: “Faka isikela lakho, uvune, ngokuba kufikile isikhathi sokuvuna, ngokuba sekomile okuvunwayo komhlaba.”


Enye ingelosi yayisiphuma ethempelini elisezulwini, nayo inesikela elibukhali.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka