Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 7:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu: u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 “U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe, usephunduke iqebelengwana lesinkwa elingaphendulwanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Efrayimi, wazihlanganisa nabantu; U-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphenduki.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 7:8
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


Ngalokho ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, futhi ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo, ningafuni ukuthula kwabo nenhlalakahle yabo kuze kube phakade, ukuze nibe namandla, nidle okuhle kwezwe, nilishiye libe yifa labantwana benu kuze kube phakade.’


kepha bahlangana nabezizwe, bafunda imisebenzi yabo.


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Bamkhohlisile uJehova, ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi; manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.


Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


“UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


“Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.*


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka