Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bonke bashisa njengeziko, baqedile abahluleli babo; onke amakhosi abo awile; akakho phakathi kwabo obiza Kimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 7:7
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.


Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa


Kepha abantu ababemlandela u-Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi.


Wathi: “Babambeni besaphila.” Babathatha besaphila, bababulala ngasemgodini wendlu yokugunda, abantu abangamashumi amane nambili; kashiyanga muntu kubo.


Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.


UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.


UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.


UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.


Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.


“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


“Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.


Kusukela endulo abantu abezwanga, abacoshanga nangendlebe, futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho osebenzela omhlalelayo.


Sonke saba njengongcolileyo, nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo; sabuna sonke njengeqabunga, nobubi bethu basisusa njengomoya.


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


“Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango, eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaJehova uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?


Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami, baze bazithwese icala labo, bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.”


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi; bamisa izikhulu, ngingazi; isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo, ukuze banqunywe.


Wo! kwabaceba ububi, benze okubi emibhedeni yabo! Ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni ezandla zabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka