Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Liyakuthwalwa lisiwe e-Asiriya libe yisipho senkosi uJarebi; u-Efrayimi uyakwemukela ihlazo, u-Israyeli abe namahloni ngezeluleko zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Liyakulethwa e-Asiriya libe yisipho eNkosini uJarebi; U-Efrayimi uyokwamukela ihlazo, futhi u-Israyeli uyoba namahloni ngecebo lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 10:6
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase-Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.


Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi.


“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo, niyangaze ngamasimu enawakhethayo.


Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.


Bayakujabha, babe namahloni bonke kanyekanye; bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.


UMowabi uyakujabha ngoKemoshi, njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele, ithemba labo.


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili.


Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli.


Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.


Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.


Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.


“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe noJuda isilonda sakhe, u-Efrayimi waya e-Asiriya, wathumela enkosini uJarebi; kepha ingeniphulukise, ayinakusipholisa isilonda senu.


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka