Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Abakhileyo eSamariya bayakwesaba ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulilela nabapristi balo abajabulayo ngalo, ngodumo lwalo, ngokuba lumukile kulo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 10:5
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.


wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.


“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye, azinakuwukhulula umthwalo; nabo uqobo baya ekuthunjweni.


Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!


Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.


Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.


“Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.


“Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema, nginqume insali kaBali kule ndawo, negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,


Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”


UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.


Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka