Esteri 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha. Uka jalj uñjjattʼätaIsiZulu 20203 Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20243 Ezifundeni zonke nomaphi lapho kwafika khona izwi lenkosi nesimiso sayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla, nokukhala, nokukhala; abaningi balala bembethe amasaka nomlotha. Uka jalj uñjjattʼäta |
Kwase kubizwa abalobi benkosi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nantathu lwayo, kwalotshwa njengakho konke uHamani ayala angakho othulasizwe benkosi, nababusi ababephethe izifunda ngezifunda, nezikhulu zezizwe ngezizwe, izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo, nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwanamathiselwa ngendandatho yenkosi.