Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 7:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami!

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Vuka, Jehova, ngentukuthelo yakho, uziphakamise ngenxa yentukuthelo yezitha zami, uvuke ngenxa yami ngenxa yokwahlulela okuyale ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 7:6
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Ngokuba isitha siyazingela umphefumulo wami, sicindezela phansi emhlabathini ukuphila kwami; singihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa.


Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.


Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami.


Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami, Nkulunkulu wami, Nkosi yami, umele icala lami.


Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.


Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.


Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*


Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi, uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.


Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade; isitha sone konke endlini engcwele.


Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,


UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.


“Sengiyakuvuka,” usho uJehova; “sengiyakuphakama; sengiyakuphakanyiswa.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka