Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 7:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Isitha masixoshe umphefumulo wami, siwuthathe; yebo, makanyathele ukuphila kwami emhlabeni, abeke udumo lwami othulini. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 7:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini.


Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*


Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.


Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*


Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.


Futhi, baba, bheka, yebo, bheka, umphetho wengubo yakho usesandleni sami, ngokuba lokhu ngasika umphetho wengubo yakho ngingakubulalanga, yazi, ubone ukuthi akukho bubi nasiphambeko esandleni sami, angonanga kuwe, noma uqamekela ukuphila kwami ukuba ukuthathe.


Ulandile namuhla ukuthi ungenzele okuhle, njengokuba, lapho uJehova ebenginikele esandleni sakho, awungibulalanga.


Manje bheka, ngiyazi ukuthi uyakuba yinkosi impela, nombuso wakwa-Israyeli uyakuqiniswa esandleni sakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka