Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 6:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.


Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa.


Ngokuba ukuphila kwami kuphelela osizini, neminyaka yami ekububuleni; amandla ami aphelile ngokona kwami, namathambo ami ancunzekile.


Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.


Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima.


Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.


Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.


Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke; ngisindise, ngisindiswe, ngokuba uludumo lwami.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”


Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka