Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 26:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 26:1
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini, nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?


Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele; okulondolozayo akayikozela.


Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,


Ngokuba inkosi iyethemba uJehova, nangenxa yesihawu soPhezukonke ayiyikuzanyazanyiswa.


Nkulunkulu wami, ngiyethemba kuwe; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.


Ukulunga nobuqotho makungilondoloze, ngokuba ngilindele wena.


Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


Kepha mina ngithemba wena Jehova; ngithi: “UnguNkulunkulu wami.”


Ngahlulele ngokulunga kwakho, Jehova Nkulunkulu wami; mabangajabuli ngami.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli.


Nikelani iminikelo yokulunga, nethembe uJehova.


Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.


Nkulunkulu, ngisindise ngegama lakho, ngahlulele ngamandla akho.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu.


Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa.


UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi.


Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kepha ababi bayakuthuliswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakwahlula ngamandla.


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka