Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 24:1
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Jehova Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu zivela esandleni sakho, zonke zingezakho.


U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”


Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?


Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.


Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe, akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?


Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.


Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.


Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo.


Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho.


Maludume ulwandle nokugcwala kwalo, izwe nabakhileyo kulo.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze insimbi; uyakuchoboza abantu abaningi,” kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka