Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 24:1 - IsiZulu 2020

1 Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ihubo likaDavide. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo; umhlaba nabahlala kuwo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 24:1
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Simakade Nkulunkulu wethu, zonke lezi zinto esizilungisele ukwakhela igama lakho elingcwele indlu, zivela esandleni sakho, zonke zingezakho.


U-Amaziya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Pho manje sizokwenzenjani ngamathalenta ayikhulu engikhokhele ngawo impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “USimakade unamandla okukunika okuningi kunalokho.”


Ngubani owambeka phezu komhlaba na? Ngubani owamisa izwe lonke na?


Ngubani ongayisukela, qede aphephe na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.


Iyokwenza imikhuleko eminingi yini kuwe, ikhulume amazwi athobekileyo na?


ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi, nezinkomo eziyizinkulungwane ezisezintabeni.


Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.


Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo.


Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.


Ulwandle maludume nakho konke okukulo, nezwe nabakhileyo kulo.


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


“Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka