Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 21:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkazimulo yakhe inkulu ngensindiso yakho; umnike udumo nobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 21:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.


Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”


kalokhu mawuvume ukubusisa indlu yenceku yakho ukuba ibe sebusweni bakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile wena Jehova kuyahlala kubusisekile kuze kube phakade.”


UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade.


Kepha wena Jehova uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.


Wamenza waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamqhelisa ngenkazimulo nangobukhosi.


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,


Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.


Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka