Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 21:5 - IsiZulu 2020

5 Inkulu inkazimulo yayo ngokuyinqobisa kwakho; uyethwese udumo nobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inkulu inkazimulo yayo ngenxa yensindiso yakho; udumo nobukhosi ukubeka phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inkazimulo yakhe inkulu ngensindiso yakho; umnike udumo nobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 21:5
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Simakade, kepha ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, ngabe iyona ndlela le, Nkosi Simakade, ophatha ngayo abantu na?


Uma nje uyohamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemithetho yami, njengalokhu ahamba uyihlo uDavide, ngiyokwandisa izinsuku zokuphila kwakho.”


ake uvume ukubusisa indlu yenceku yakho, ukuba ibe phambi kwakho kuze kube phakade, ngokuba okubusisile Wena Simakade, kubusisekile kuze kube phakade.”


USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Iyohlala embusweni, phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade. Yiqokele ububele neqiniso, ukuba kuyilonde.


Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu.


Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu, wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi,


Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.


Ngubani lona ovela kwa-Edomi, enezingubo ezibomvu zaseBhozira; lona ohlobe ngezembatho zakwanokusho, ohamba ngamandla amakhulu na? “Yimina engikhuluma ngokulunga, nenginamandla okusindisa.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.


Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye.


Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.


Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka