Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 12:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo nolimi olukhuluma izinto ezizidlayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 12:3
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.


Ngathi osizini lwami: “Bonke abantu banamanga.”


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


Bavalelwe ngamanoni abo, bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.


Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.


“Isitha sathi: ‘Ngiyakubaxosha, ngibafice, ngahlukanise impango, inhliziyo yami idele ngabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.’


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.


Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe, ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.


Njengalokhu isandla sami siyitholile imibuso yezithombe ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula eyaseJerusalema neyaseSamariya,


Akakho omemeza ngokulunga, akakho owahlulela ngeqiniso; bethemba kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe yingozi, bazala ububi.


Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu


Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe, drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakho uthi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke, ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.


“Ngabuka izimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, okungaphambi kwalo ezintathu zezimpondo zokuqala zasimbulwa; futhi bheka, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma izinto ezinkulu.


“Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’


Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;


Yilabo abakhononayo nabasolayo, behamba ngezinkanuko zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.


Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba, sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.


Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka