Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubhali angama-70 etsheni elilodwa, kwasala uJothamu, uthunjana kaJerubhali, ngokuba wacasha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 9:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.


funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”


Esefike eSamariya wabulala bonke abaseleyo baka-Ahabi eSamariya, waze wamqeda njengezwi likaJehova alikhuluma ku-Eliya.


Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.


Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.


UJehoramu esemile embusweni kayise, eseziqinisile, wabulala bonke abafowabo ngenkemba kanye nabathile bezikhulu zakwa-Israyeli.


Khona uHerode, esebonile ukuthi izazi zimphambile, wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona, abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.


“Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.


UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.


kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile u-Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;


“Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: ‘Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na?’ Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”


Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka