Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Zamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-70 ezazizithathe ethempelini likaBhali Bherethi; u-Abhimelekhi aqasha ngazo iziduphunga nezixhwanguxhwangu zamadoda, ukuba zimlandele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bamnika amashekeli angamashumi ayisithupha esiliva endlini kaBali-bheriti, u-Abimeleki waqasha ngawo amadoda ayize, alulamileyo, amlandela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 9:4
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.


bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.


Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla, kepha olandela amayiyane akanangqondo.


Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho.


Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;


UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.


Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.


Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka