Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 19:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Lapho indoda nesancinza sayo, nenceku yayo, besukuma ukuba bahambe, umukhwe wayo, uyise wentombi wathi kuyo: “Bheka, ilanga seliyashona, sekuzakuhwalala; ake nilale lapha ngalobu busuku. Uyabona ilanga seliyashona. Hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke ngovivi kusasa ningene indlela, nibuyele ekhaya.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho lowo muntu esukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wendodakazi, wathi kuye: “Bheka, sekusiya kuhlwa, hlalani ubusuku bonke; usuku lukhula luye ekupheleni, hlala lapha, ukuze inhliziyo yakho ijabule; nihambe kusasa ekuseni, ukuze niye ekhaya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 19:9
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Ungazigabisi ngolwakusasa, ngokuba awukwazi okungavela ngosuku.


Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.


Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.


Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”


Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe; uyise wentombi wathi: “Ake uhlumelele inhliziyo yakho, nihlale lize lithambame ilanga.” Badla-ke bobabili.


UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka