Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwakukhona umuntu kwelezintaba kwa-Efrayimi ogama lakhe kunguMikha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguMika;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 17:1
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nanka amagama azo: oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,


umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;


Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,


Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.


Emva kuka-Abimeleki kwavela uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba asindise u-Israyeli; wayehlala eShamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


Yena wathi kunina: “Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha.” Unina wathi: “Mayibusiswe nguJehova indodana yami.”


Basuka khona, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.


Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.


Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka