Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 U-Adoni Bhezekhi, wathi: “Amakhosi angama-70 anqunywe izithupha noqukula ayevame ukucosha imvuthuluka ewa etafuleni lami, njengoba ngenzile, ngalokho uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamletha eJerusalema, wafela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:7
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.


Wo kuwena ochithayo, kungachithwanga wena, nakuwe okhohlisayo, kungakhohliswanga wena! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa, nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.


Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo, ngibenze indumiso negama abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.


babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana,


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.


ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.


UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka