Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 1:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 U-Adoni Bhezekhi wabaleka, kodwa bamhubha, bambamba, bamnquma izithupha noqukula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha u-Adoni-bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha namazwane akhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 1:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngosuku oluthile ezifundeni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari.


Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.


babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,


Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe; zizulise ngamandla akho, uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.”


iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo,


Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Memezani kulo nxazonke; lizinikele, izisekelo zalo ziwile, izingange zalo zidiliziwe, ngokuba kuyimpindiselo kaJehova; phindiselani kulo, nenze kulo njengokwenza kwalo.


UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”


EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka