Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Ngalokho umkhulu, Nkosi Jehova, ngokuba akakho onjengawe, akukho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 “Ngakho-ke umkhulu, Nkosi Simakade, ngokuba akekho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho kukho konke esikuzwile ngezindlebe zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngalokho umkhulu, Jehova Nkulunkulu, ngokuba akakho onjengawe, akakho uNkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:22
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


“Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu nokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.


Nkulunkulu, sizwile ngezindlebe zethu, okhokho besilandisa ngesenzo owasenzayo emihleni yabo, emihleni yasendulo.


Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.


Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa.


Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho.


Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na?


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.


Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.


U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.


Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani, nimlinganise namuphi umfanekiso, na?


“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele.


Ngokuba usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguJehova, akakho omunye.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


Mina nginguJehova, akakho omunye; ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu; ngiyakubhincisa ungakangazi,


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.


Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.


Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide, uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazo yalo iyiqiniso.”


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?


“ ‘Bonani manje ukuthi mina, yebo, mina nginguye, akakho unkulunkulu ngaphandle kwami; mina ngiyabulala, besengiphilisa, ngilimazile, kepha ngiyakupholisa; akakho ongophula esandleni sami.


“Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe.


“Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka