Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba ukwazise inceku yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Ngenxa yezwi lakho nangokufisa kwenhliziyo yakho ukwenzile konke lokhu okukhulu, wakwazisa inceku yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngenxa yezwi lakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile zonke lezi zinto ezinkulu ukuba uzazise inceku yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:21
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,


Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele, wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;


Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.


Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka