Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 7:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Inkosi uDavide yangena ethendeni, yahlala phambi kukaSimakade, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Simakade, nendlu yami iyini, ukuba ungaze ungihole kuze kube lapha na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Inkosi uDavide yangena, yahlala phambi kukaJehova, yathi: “Ngingubani mina, Nkosi Jehova? futhi iyini indlu yami ukuthi ungilethe lapha?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 7:18
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leli Jordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili.


Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana.


“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade; sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?


Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.


UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na?


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.


umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?


UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwa-Israyeli na?”


UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo


Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”


Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”


Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli.


UDavide wathi kuSawule: “Mina ngingubani, kuyini ukuphila kwami, nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?”


USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwa-Israyeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngale ndlela na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka