Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 24:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wayesethi uJowabe enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 UJowabe wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho angenezela kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, ikubone lokho ngamehlo inkosi yami, inkosi, isakwazi ukubona. Kodwa kungani inkosi yami, inkosi ifuna ukwenza lokhu na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJowabe wayesethi enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho uyakwenezela abantu ngokuphindwe kayikhulu, noma ngabe baningi kangakanani, namehlo enkosi yami, inkosi, akubone; kodwa inkosi yami, inkosi, ithokozelani lendaba?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 24:3
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”


Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa-Israyeli.


UJehova uyakunandisa, nina nabantwana benu.


Udumo lwenkosi lungobuningi babantu, kepha ukuswela abantu kungukuchithwa kwesikhulu.


Khona uyakubona, ukhazimule; inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke, ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe, nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.


UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka