Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye kuyo ngiyinqume ikhanda.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo iyithukelani inkosi yami, inkosi, na? mangidlula ngimkhumule ikhanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:9
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”


UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”


OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.


U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.


Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”


“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.


Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”


UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


“Inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukulandela bani na? Uxosha bani na? Uxosha inja efileyo, intwakumba eyodwa nje.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka