Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 16:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inkosi yasisithi: Ngilani lani, madodana kaZeruya? makaqalekise, ngokuba uJehova wathi kuye: “Thuka uDavide; Ubani-ke ozothi: Kungani wenze lokhu?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 16:10
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.


UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”


Inkosi yayisithi kuShimeyi: “Awuyikufa.” Inkosi yafunga kuye.


Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kule ndawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”


Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’


Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Ngokuba izwi lenkosi liyabusa; ngubani ongasho kuyo ukuthi: “Wenzani na?”


Kwasho ubani, kwenzakala, iNkosi ingakuyalelanga, na?


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


Yena waphenduka, wathi kuPetru: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”


Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga;


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka